Siyabonga Kwa Bakwa: AMAZWI FUNERALÂ
Umuntu wumuntu ngabantu izandla zedlula ikhanda South Africa.
ThuleleniTv icela ukuthatha leli thuba idlulise amazwi okubonga okukhulu, kwi Company yaba ngcwabi Amazwi Funeral. Ngoku phakamisa kwabo isandla odabeni ebesilufake ku facebook page yethu, lapho khona omunye wabalandeni be ThuleleniTv ecele khona usizo lolekelelwa ekufihleni ilunga lomndeni wabo, elishonele esifundazweni Gauteng nebese kune sikhathi eside umzimba wakhe uhlaleli emakhazeni.
Usizi lwakhe silufake khona kwi Facebook page yethu njengoba manje seku nje, izinyembezi zomndeni seze suliwe. Zisulwa abakwa Amazwi Funeral abathathe isinqumo sokuthi bazowu lekelela umndeni ngezindleko zomngcwabo nokuhambisa umzimba ekhaya KwaZulu Natal.Siyabonga bafwethu kakhuku sithi nje uNkulunkulu sengathi angabusisa msebenzi wenu awukhuphule usabalale izwe lonke.
Udaba luka Nompumelelo Mhlongo li fundeka kanje:
​
Sanibonani kwa Thuleleni tv ngiyethemba niyaphila ithimba lonke,lo okhulumayo u Mpume wakwa Mhlongo kwa Hlabisa but ngila egoli ngokwama toho.
Ngihlala ethembisa ku address number 2020 ivory park ext 2 Nonzaba street.Ngicela usizo bafwethu ngihlupheke lokhu okwangempelaÂ
Kushuthi indaba yam ime kanje kunomtwana kabhuti wam owahamba ekhaya besingamazi ukuthi ukuphi nezwe.
Nangu umtwana engikhuluma ngaye bafethu isimo sakhe sesinzima kakhulu anginayo indlela yokuthi ngimfikise ekhaya sengizamile ngehlulekile and ngapha sengikalelwe amalanha emakhazen kahulumen ngyacela bafethu ukuthi ngikwaz ukuyobeka ithambo lakhe ekhaya
Ok akunankinga bafwethu ey kunzima kim mangibheka ukuthi amalanga ayancipha enginqunyelwe wona
Ngoba i motuary engitholile ithi ifuna 14,500 ukuze bakwaz ukungisiza
Number yam ithi 0818311380 Nompumelelo Mhlongo